10.07.2015 Views

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

othakwe ngezihlahla ezithile nangezinyamazane zimbe.Umchithiso uvula amakhala ezinjaukuze zikwazi ukuthola kalula umkhondo wezinyamazane.Amalungiselelo amafishane aphethe ukugaywa kotshwala ukuze inqina icime ukoma.Isigaba ngasinye sokugaywa kotshwala sisingathwa ngokucophelela ukuze utshwala bubemtoti futhi bungonakali.Utshwala budinga ukuphathwa ngenhlanzeko ngoba bungukudlaokuxhumene nabantu abamsulwa. Amaphisi alungisa izikhali zawo zokuzingela ukuze zibesesimeni esihle.Amaphisi aphinde abhunge kabanzi ngezikhungo eyozingela kuzo inqina.Amaphisi acobelelana amaqhinga okuqhamukela isikhungo ngasinye.Ngobusuku obandulela ukuphuma kwenqina, onke amadoda emizi alala ndlininye.Laphoesephuma ekuseni, edIula esibayeni, abike kwabadala.Kuvela ukuthi inqina ichelwangezintelezi ukuze iqine futhi iqungeke isibindi. Lapho iphuma esibayeni, isimame siyithelangezinsipho ezinyaweni.Umxhaka uphuma ngehubo lenqina uqonde esigxeni ukuzeuhlangane neminye imixhaka. Esigxeni umthonga uyididiyela ndawonye imixhaka ibe liviyoelilodwa bese iphakwa.Inqina iphakwa ngumuntu ongumthothongo yikhona izinyamazanezizothothobala. Inqina ikhankasa ngezimpondo ezimbili kanye nesifuba. Izimpondozibanjwa yizinsizwa ezinejubane kuthi isifuba sibanjwe ngamadoda asekhulile.Kuvela ukuthi inqina ingumdlalo. Uburndlalo benqina behlukana kane: Uburndlalongokwezinja; ubumdlalo ngokwezinyamazane; ubumdlalo ngokwamaphisi nobumdlalongokubongela ichalaha.117

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!