10.07.2015 Views

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Luthi lungafika uselwa inkosi inqume usuku esiyokweshwama ngalo isizwe. Kuvela ukuthinamuhla ukwenziwa komkhosi wokweshwama kakusafani nokwasendulo.Kuyaphawuleka futhi ukuthi kukhona uhlobo lwenqina olwaziwa <strong>ngenqina</strong>mbumbulu.Inqinambumbulu imenywa ngumnurnzane kumbe inkosi ngenhloso yokususa umuntuoluhlupho emphakathini. Kwenye inkathi umuntu ubulawelwa ubala.Olunye uhlobo lwenqina ukhukhulelangoqo. Ukhukhulelangoqo umenywa yinkosi kuphela.Ukhukhulelangoqo ucelwa kuhulumeni ngoba uphunywa ngabantuabaningi kakhulu.Enqineni kakhukhulelangoqo kuba khona umuntu ongamehlo kahulumeni kukho konkeokwenzekayo.Uhlobo lokugcina lwenqina inqina yehlambo.Lolu hlobo luphuma ngenhloso yokugezaizikhali zomnumzane osuke esendele koyisemkhulu.Le nqina iphinde yaziwe ngokuthiinqina yokulahla ukufa.Iphuma kumazolo ekuseni ngovivi, yenze lonke usiko IweSintuentabeni bese iphindela ekhaya.Ekhaya kubikelwa umnurnzane ukuthi rnakahlambuluke,ahlangane nomndeni ngoba selugciniwe usiko lokumhlambulula.Ubikelwa esibayenisezinkomo, ebikelwa yindalabantu endala emndenini kwazise umcimbi othinta abalelewenganyelwa ngobudala.Kuvela ukuthi inqina ingumcimbi olungiselelwayo.Amalungiselelo aye ehlukene kabili.Kukhona amade narnafishane.Amalungiselelo amade aphethe ukuphingiswa kwezinjangenhloso yokuthola izinja ezi1ungele ukuzingela.Imidlwane enyelezelwe ikhuliswangendlela yokuthi ikhule ibe yizinja ezikufanele ukuzingela.Izinja zichithiswa ngomchithiso116

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!