12.01.2015 Views

Eating well on ARVs for adults, isiZulu - Cindi

Eating well on ARVs for adults, isiZulu - Cindi

Eating well on ARVs for adults, isiZulu - Cindi

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Ukuphila nokudla kahle

Ukudla ngendlela efanele

kwabadala abaphila

ngemishanguzo yesifo

sengculazi (amaARVs)

Leli bhukwana likucobelela ngolwazi olubalulekile ngokudla ngendlela efanele

nokunakekela impilo yakho uma uphila ngokudla imishanguzo yesifo sengculazi

(ARVs). Leli bhukwana liphelezela elakwaCINDI elaziwa ngokuthi ‘Living and

<strong>Eating</strong> Well’. Ungalithola emahhovisi akwaCINDI (55 Jabu Ndlovu/Loop St,

Pietermaritzburg) noma uvakashele ku www.cindi.org.za. Funda leli bhukwana

kanye nencwadi ethi Living and <strong>Eating</strong> Well.

Lishicilelwe ngosizo lwezimali zakwa-Irish Aid.

Kungani esikudlayo

nesikuphuzayo

kubalulekile uma sidla

ama-ARVs

Sesifikile isikhathi

sokuba ngidle

ama-ARVs, Ma.

Ngobani Bengicabanga ukuthi

ngenza umsebenzi oncomekayo

wokuphekela thina sobabili

ukudla okunempilo!

Upheka kahle Ma. Kodwa amasosha

omzimba ehle kakhulu. Ngidinga ama-

ARVs ukuze angisize ngiphile kahle. Ama-

ARVs nokudla okunempilo kuzosebenzisana

kungigcine ngiphilile.

Kungani ungaphuzi

amaphilisi okungezelela

umsoco ukuze alekelele

ama-ARVs

Kusho ukuthi

ukupheka kwami

kusabalulekile

Akuyona impendulo lokho, Ma. Ngidinga ukudla

okufanele ukuze imishanguzo isebenze kahle

futhi kuvimbeke nokucanuzela kwenhliziyo

okudalwa iyo imishanguzo.

Ushaye khona! Ukudla okunempilo

kuzongisiza ngihlale ngiphilile. Kanti

nemishanguzo izongisiza ngihlale

nginamandla.

Ngifisa

sengathi kungaba

nendlela ewumlingo

engakugcina

uphilile.

Nami futhi Ma. Kodwa ayikho. Kuzomele

ngisebenze kanzima ngidle imishanguzo, ngidle

ngendlela efanele futhi ngizigcine ngiphile kahle.

Futhi ngizoludinga usizo lwakho.

Yebo, sizosizana. Ngithemba ukuthi uma

imishanguzo nokudla sekukusizile uzoba

namandla bese uzongisiza ekhishini!

Kungani kubalulekile ukudla ngendlela

efanele uma ngisebenzisa ama-ARVs

Ukudla ngendlela efanele kubalulekile kuwona wonke umuntu. Ukudla izinhlobonhlobo

zokudla kusiza abaphila negciwane lengculazi, nalabo abangenalo, ukuba imizimba

yabo ikwazi ukulwa nezifo, ibe nesisindo esifanele futhi iphile kahle. Kumuntu osedla

amaARVS, ukudla okufanele

kubalulekile ukuze le mishanguzo

isebenze kahle. Ukudla

ngokufanele kuyasiza ukugwema

izifo ezidalwa ukudla imishanguzo

njengokucanuzela kwenhliziyo

nohudo. Futhi amaARVs

ayalambisa. Umuntu ugcina esedla

kakhulu futhi edla njalo.

Ukudla okunjani okuqinisa amasosha omzimba

Kubalulekile ukuba sidle ukudla okuzokwenza amasosha emizimba yethu abe namandla.

Nanka amasu angakusiza ngokufanele ukudle:

Vama ukudla

izinhlobonhlobo zokudla

Akukho ukudla okungathi

kukodwa kusinike wonke umsoco

esiwudingayo. Yingakho kumele

sidle izinhlobonhlobo zokudla

nsuku zonke. Ukunezezela ngesidlo

esisodwa nsuku zonke kuzokusiza

ukuba ube namandla.

Kubalulekile ukuba sidle ukudla

esikuthandayo.

Abantu abaningi

abaphila

negciwane

lengculazi

nasebengenwe

yilesifo

abakuthandi ukudla. Lokhu kudala

ukuba bazace. Akulungile lokhu,

kukhubaza amasosha omzimba.

Qikelela ukuthi kube ukudla

okuthandayo kodwa okunomsoco.

Ukudla izibiliboco zasezitolo

njengenkukhu ethosiwe nokunye,

akunayo impilo.

Ezinye izindlela zokuzikhuthaza ukuba udle:

Yidla kanye nomngani noma nomndeni

Yidla ukudla

okuthandayo

Yidla kancane

kodwa kaningana

Qala ukuvocavoca

umzimba,

njengokuhamba

Uma uthanda

okuphuzwayo kunokudla,

phuza amasi, ubisi noma

amahewu.

Isidlo ngasinye asibe nesitashi

Kubalulekile ukuthi sibe khona isitashi

kukona konke ukudla esikudlayo.

Ukudla okunesitashi kusinika amandla

ukuze sikwazi ukusebenza, ukudlala

nokujabulela impilo. Kuyasiza futhi

ukuba singazaci, sibe nesisindo

esikahle.

Ukukhuluphala kakhulu nako

kungadala izinkinga zempilo. Nakuba

bebaningi abanesandulela ngculazi

abazacile, bakhona nabakhuluphele

kakhulu. Uma ukhuluphele yidla

isitashi esincane.

Uma ukhuluphele noma

uma uzacile kuyadingeka

ubonane nochwepheshe

wezokudla emtholampilo.

Khuluma nomeluleki wakho

ngalolu daba.

Izibonelo zokudla okunesitashi yilokhu:

• Okwenziwe

ngempuphu

• Isinkwa

• Ilayisi

• Isitambu

• Amadumbe

• Ujeqe nombila

• Amazambane

• Ubhatata

ENingizimu Afrika sinomthetho othi impuphu

nofulawa kumele kuthakwe kuxutshwe

namavithamini namaminerali. Kusho ukuthi

impuphu nesinkwa osithenge esitolo sinomsoco

ozokusiza ukuqinisa amasosha omzimba. Funa lolu

phawu uma uthenga esitolo. Zama ukuthenga

ufulawa wesinkwa, hhayi owamakhekhe, uma ufuna

ukwenza ujeqe noma amagwinya.

Yidla amaveji nezithelo eziningi

Amaveji amasha nezithelo

kunamavithamini asizayo ukuqinisa

amasosha omzimba. Kanti futhi ayasiza

ukubulala okungalungile emzimbeni.

Zama ukudla izinhlobonhlobo. Kuyisu

elihle ukudla amaveji nezithelo

okunemibala ehlukene ngosuku ngoba

kuqukethe umsoco ongefani.

Imifino yasendle njengocadolo mihle

ngoba iqukethe umsoco omningi.

Zama:

• Isipinashi

esiluhlaza

• Ithanga eliphuzi

• Imifino yezintanga

eluhlaza

• Ubhithruthi

obomvu

• Amawolintshi

• Utamatisi

Amaveji nezithelo

kushibhile uma kuyisikhathi

sako. Thengisana

nomngani ukuze uthenge

ngesaka noma uzitshalele

okwakho engadini. Kuncono

ukutshala. Khumbula

ukuwashisisa izithelo

ngaphambi kokuba uzidle.

Ukudla amaphilisi

anamavithamini akusho ukuthi

yeka amaveji nezithelo.

Amaveji nezithelo aqukethe

okuningi okusiza ukuthuthukisa

impilo yakho.

Yidla okuqhamuka ezilwaneni nsuku zonke

Ukudla okuqhamuka ezilwaneni kunamaphrotheni amaningi. Abantu abane-HIV badinga

amaphrotheni amaningi ukuze izicubu

zabo zingabi ntekenteke. Amaphrotheni

ayasiza ukuqinisa amasosha omzimba.

Zama ukuwadla okungenani kanye

ngosuku.

Isibindi (senkukhu,

senkomo nesesiklabhu),

ufishi osethinini namaqanda

kunamaphrotheni akahle

kanti akubizi kakhulu.

Uma unayo indawo ekhaya

kungakusiza ukufuya

izinkukhu.

Okuqhamuka ezilwaneni okunamaphrotheni

yilokhu:

• Inkukhu

• Ufishi/inhlanzi

• Amasi

• Ubisi

• Ushizi

• Amaqanda

Faka ushukela namafutha

ekudleni

Ushukela namafutha

kubalulekile kakhulu kubantu

abanciphile emzimbeni. Lokhu

kumele kufakwe ekudleni

ukuze umzimba ubuyele

endaweni yawo nokwenza

ukudla kunambitheke

kancono. Ushukela, uju,

amafutha nemajarini kumele

kufakwe ekudleni ukuze

ukudla kunikeze amandla

amaningi. Kubaluleke

kakhulu lokhu kubantu

abangakuthandi kahle ukudla.

Ungawufaki kakhulu ushukela

ngoba kwabanye ubuye

uvale inhliziyo kanti ungenza

nezilonda emlonyeni zibhibhe.

Jwayela ukudla

ubhontshisi, uphizi,

amalentili,

amakinati nesoya

Lokhu kudla kunamaphrotheni

amaningi. Kuhle

futhi ngoba kunenxoza

(ifayibha) esiza ukuba

umgudu wokudla usebenze

kahle.

Yidla

ubhontshisi nesoya

esikhundleni

sokudla

okuqhamuka

ezilwaneni uma

ubona ukuthi

inyama iyabiza

noma ayitholakali

kalula.

Nyakazisa umzimba

Kubalulekile ukuthi ukujwayele ukunyakazisa

umzimba. Kusiza umzimba ube namandla, kuqinisa

izicubu futhi kwenza sikuthande ukudla. Ezinye

zezindlela zokunyakazisa umzimba ukuhamba,

ukusebenza engadini nokwenza imisebenzi

yasendlini.

Ngingakuhlela kanjani ukudla

okunempilo

Ukuhlela isidlo esinempilo kubukeka kunzima. Okungenza kube lula ukuqala ubukisise

ojwayele ukukudla bese ucabangisisa ukuthi unganezezela ngani ukwenza ukudla kube

nempilo kakhudlwana. Sebenzisa namasu ofunde ngawo emakhasini adlule.

Isidlo sasekuseni

Sidla

iphalishi.

Faka ithisipuni lemajarini namabili

kashukela ukulekelela ukukhula

kwesisindo somzimba.

Bese udla newolintshi.

Ukudla okulula

okudliwa esithubeni

Sidla

isinkwa.

Faka iphinathibhatha ukuze uthole

amaphrotheni namafutha kanti

ungasebenzisa nojamu ozokusiza

ukukhulisa isisindo

somzimba.

Yidla

nobhanana.

Isidlo sasemini

Sidla isitambu

esinobhontshisi.

Ubhontshisi muhle ngamaphrotheni

kanti isitambu sinika amandla.

Faka iklabishi nombala

walo oluhlaza, ikholiflawa

emhlophe kanye nethanga

eliza nombala

walo ophuzi.

Isidlo sakusihlwa

Kulula-ke

lokho. Sizodla

ilayisi.

Nesibindi senkukhu. Ngizofaka

ugalikhi namahlamvu okunukisa

kamnandi ukuze

kunambitheke

kahle.

Ngizofaka imifino nombala

wayo oluhlaza, notamatisi

ngombala wawo obomvu.

Iziphuzo ezifana neCoke neFanta zingasiza uma

kucanuzela inhliziyo kodwa okuncono kakhulu

ukuphuza ijusi yezithelo. Phuza amanzi amaningi

ahlanzekile. I-caffeine esetiyeni, ekhofini nakwiCoke

iwubuthi ayimlungele umuntu ophila ngemishanguzo

yesifo sengculazi. Itiye i-rooibos lihle kakhulu

ngoba alinayo i-caffeine.

Uma ufuna ukudla

okulula esithubeni

khetha izithelo,

amasi, iyogathi.

Hhayi ama-chips

nokudla okuphekwe

ezitolo!

Ngabe kufanele ngiwadle

kanye nokudla amaARVs

Enye yezinto ezinzima ngokuphila ngamaARVs ukuthi

kufanele uthathe iphilisi elifanele ngesikhathi esifanele.

Lokhu kudinga umuntu okwazi ukuhlela izinto ikakhulukazi

uma udla uhlobo lwesibili (Regimen 2) ngoba amanye

adinga ukuphuzwa nokudla kanti kwamanye akudingeki

ukudla.

Uhlobo lokuqala (Regimen 1)

Uma udla uhlobo lokuqala lwemishanguzo

akumele uzikhathaze ngokuthi udlile yini

ngaphambi kokuphuza amaphilisi. Kodwa uma

ucanuzelelwa inhliziyo emva kokuwaphuza,

kumele uwaphuze kanye nokudla.

Buzisisa kubasebenzi bezempilo ukuthi

amaphilisi owanikiwe kumele uwaphuze nini

kanjani. Kubhale phansi konke okutsheliwe ukuze

ungakhohlwa. Lolu lwazi luyizeluleko ongasebenzela

phezu kwazo kodwa umuntu osebenza kwezempilo

uzokunika ulwazi oluqonde

ngqo ngesikhathi ekunikeza

imishanguzo yakho.

Uhlobo lwesibili (Regimen 2)

Uma usebenzisa uhlobo lwesibili kumele uhlele ukuthi uzodla

nini nokuthi uzowaphuza nini amaphilisi. Abezempilo bazokusiza.

Isibonelo:

• I-zidovudine ne-didanosine kumele aphuzwe kungekho lutho esiswini. Aphuzwa

emva kwamahora amabili uqedile ukudla, kanti kumele kube nemizuzu engama-

30 kande udle futhi. Ukudla kwenza kube lukhuni ukuba umzimba umunce kahle

imishanguzo. Kuyisu elihle ukuyiphuza phakathi kwesidlo sasekuseni nesasemini.

• I-lipinavir ne-ritonavir kumele kuphuzwe nokudla okunamafutha amaningi ukuze

umzimba ukumunce kahle. Kuyisu elihle ukuwaphuza nokudla okuphekiwe.

Sithini ngamavithamini, amakhambi

alekelelayo kanye nemithi yendabuko

Ukuphuza amavithamini anhlobonhlobo kuyasiza

ngokuthuthukisa kuqinise amasosha omzimba. Kodwa

ukuphuza kakhulu uhlobo olulodwa lwamavithamini

kungaba ingozi. Alukho ulwazi olwanele mayelana

nokusebenzisana phakathi kwamakhambi, imithi

yendabulo namaARVs. Kungenzeka kube yingozi

ukuwasebenzisa uma usuqale amaARVs. Mhlawumbe

angavimbela amaARVs ukuthi asebenze kahle.

Umtholampilo wamaARVs

uzokunikeza amavithamini

ozowasebenzisa kanye

namaARVs. Asikho isidingo

sokuyothenga amanye.

Gwema uphuzo

oludakayo

Uphuzo oludakayo

luphazamisa indlela

imishanguzo yamaARVs

esebenza ngayo. Kungenzeka

umuntu akhohlwe ukuya

ocansini oluphephile futhi

adlulwe nayisikhathi

sokuphuza amaphilisi.

Kuphephile ukuluyeka

uphuzo oludakayo uma

uphila ngemishanguzo.

Ukuphila nokudla kahle

Iziphi izinkinga engingaba nazo uma

ngisebenzisa amaARVs

Abanye abantu bayaba nokugula okuvela ngenxa yokusebenzisa amaARVs. Ukuhlela

kahle ukuthi udlani, kanjani, kungakusiza mayelana nalezi zifo.

Funda kabanzi encwadini

yakwaCINDI ethi ‘Living and

<strong>Eating</strong> Well ukuthi ungenzenjani

uma ucanuzelelwa inhliziyo,

uhlanza, uhuda noma uma

unezilonda emlonyeni.

Ukucanuzela kwenhliziyo

nokuhlanza

Abantu abaningi bacanuzelelwa inhliziyo uma

besaqala ukusebenzisa amaARVs. Uma ukucanuzela

kwenhliziyo kudala ukuthi ungakuthandi ukudla,

uzoncipha emzimbeni. Uma udla uhlobo lokuqala

lwemishanguzo, kungakusiza ukuba uphuze

amaphilisi kanye nokudla. Ukucanuzela kwenhliziyo

kujwayele ukuphela emva kwenyanga kuya

kwezimbili uyiqalile imishanguzo.

Ungakhohlwa ukuqikelela

ukuthi ukudla kuphephile

yini uma ukupheka, udla

noma ubeka okusalile. Ziningi

izeluleko ezinhle ozozithola

mayelana nokuhlanzeka

ebhukwini lakwaCINDI elithi

‘Living and <strong>Eating</strong> Well’.

Ungayeki ukuphuza

amaphilisi ngoba uzwa

kucanuzela inhliziyo.

Xoxisana nomsebenzi

wezempilo ngalezi

zimpawu.

Leli bhuku lashicilelwa abakwaLandmark Media, belenzela abakwaCINDI

ngoApril 2007. Imidwebo ekaKathy Arbuckle kanti lihlelwe abakwaTangerine Design.

Sibonga uDr Nell McKerrow entshonalanga neKZN ngolwazi lwakhe olukhethekile

kwezokwelashwa kwezingane.

Ukushicilelwa kuxhaswe ngezimali ngabe-Irish Aid. Lo msebenzi ungagaywa futhi

usatshalaliswe kanti uyatholakala kwi-website yakwaCINDI ethi www.cindi.org.za

ngesiNgisi nesiZulu.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!