26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ezomnotho abambalwa bayibuza lendaba yokusebenzisa ukuhlakanipha,

bayibuza indaba yokuthi ngabe izimakethe zezimali zingathenjwa futhi

base beqaphelisa ngomlando omude wobuhixihixi bezezimali okwenza

isimo sezomnotho sibe nemiphumela eshube kakhulu,” ngokubhala

kwesifundiswa esawina iNobel Prize uPaul Krugman lapho egiya khona

kwiphephandaba iNew York Times wathi. “Kodwa babebhukuda

befulathelene umfula odla amagalane, bengagwazi ukuphuma amnazini,

futhi bengakwaazi ukumelana nalaba ababegoqe izandla.”

USolwazi wasesikhungweni semfundo ephakeme eUniversity of Texasu

James K. Galbraith yena wagxeka kanzima, ebiza imiqondo yozakwabo

njengabantu ababengafuni ukujula becabangela obala futhi ngendlela

ephambene okwenza ukuthi imigomo ebalulekile ibe nemiphumela emibi

ayi futhi manje kodwa amashumi eminyaka.”

Eqhubeka uGalbraith wathi, “Babephikisana nemigomo eyayingashintsha

isimo esobala futhi elula beletha imigomo engnamiphumela. Futhi

bayathuka uma sekwenzeka into ebebengayilindele, njengokwehla

kwezomnotho. Futhi uma sebebona ukuthi imigomo yabo ayisebenzi bese

bengaqali phansi bahlole izindlela ekade benza ngazo. Abacabangi ukuthi

kungenzeka kube khona amaphutha endleleni abacabanga ngayo.

Kunalokho bavele baye kokunye.”

Laba njalo abantu abanxusa umnyango wezezimali zaseMelika,

iInternational Monetary Fund, iFederal Bank kanye nawowonke amabhange

amakhulu, ngisho nasePitoli. Ukuze abahlaziyi bezomnotho banikwe

inhlonipho efana nalena eyayinikwa odokotela babephikisana nokuba khona

kwengculaza, ukuze ingcindezi yezezimali iphikiswe ngokwenziwa

kwemithetho eqinile yokuhanjiswa kwezimali emazweni, izinkinga

ezidalwa ababusi bongxiwankulu kanye nabanikazi bamabhange zizolokhu

zikhula.

UNgqongqoshe weZezimali uPravin Gordhan kanye nomphathi waseSA

Reserve Bank governor uGill Marcus bona , baphambana nehlombe, okusho

ukuthi iningi lethu kumele lilindele ukungathokozi ngezomnotho ngo2011.

(UPatrick Bond, isigayigayi sezomnotho nezombusazwe, ungumbhali

wezincwadi weLooting Africa kanye ne Elite Transition: From Apartheid to

Neoliberalism in South Africa, zombili ezishicilelwe i UKZN Press.)

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!