26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

INgulube eNkulu kwakuyifosholo lempoqo iBucyrus-Erie 3850-B. Njengoba

izimboni zamalahle zaseWest Virginia zingasawathengi lamafosholo,

iBucyrus ifudulela lomkhiqizo ukuthi udayiselwe amazwe angaphandle.

Ngenxa yalokho emasontweni ambalwa adlule, idlanzana lethu

elalihlanganyelene neFriends of the Earth kanye neSierra sazithola

simemeza iziqubulo ezimelene noEskom neBucyrus ngaphandle kwesakhiwo

esiyikomkhulu leEx-Im Bank eWashington.

Lemboni yaseMilwaukee yathi kungamanga ukuthi ukuxhaswa ngezimali

iEx-Im kunesidingo ngoba nozakwabo walemboni oyiBlack Economic

Empowerment (BEE) eGoli nemisebenzi eminingi yensimbi yaseWisconsin,

lokhu kwakusho ozakwabo eNingizimu Afrika – ikakhulukazi inkampani

yaseGoli, iRham, ezoxosha iningi labasebenzi – nayo ayihlomulanga.

Izindaba zokuthi inkontileka yeBucyrus yango2010 iyona eyayizosabalalisa

izinsimbi zokumbiwa kwamalahle kuEskom yavela njengehlazo okwenza

ukuthi iphalamende yenzee uphenyo ngonyaka odlule ngoSeptemba.

Njengoba phela kunengqophamlando ekubeni kwezimboni zokwakha

izinsimbi zokumba ezimayini khona lapho eWiwatersrand, abahwebi bathi

asikho esidingo esisobala esasingenza ukuthi izimboni zakuleli zingakwazi

ukuthengisela uEskom lezizinsimbi (ngamanani aphansi kakhulu kunalawa

afunwa yiBucyrus).

Okubalulekile kakhulu, ukuthi abahlwempu ibona abayokhokhela

lesisikweletu ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iba isizwe esinegebe

elikhulu lokungalingani kanti futhi kubhoke indlala yemisebenzi. Ukuze

uEskom ukwazi ukukhokhela inzalo edalwe izikweletu zokwakha iMedupi

neKusile kudinga ukwenyuswa kwenani likagesi ngamaphesenti angu127

kwizakhamizi iminyaka emine. Lokhu vele sekunyuse ukuvalelwa ugesi

ezindlini zabahlwempu, futhi kulezizinsuku ezidlule, amaphoyisa

aseThekwini abopha abahlali basemjondolo abangu25 ngokuntshontsha

ugesi.

Lamahlazo amaningi kangaka ambandakanya nokushintsha kwesimo sezulu

angalungiswa ngubushoshovu babasebenzi kanye nezinhlaka zezinhlangano

ezizinze emiphakathini. Kwi COP 17 eThekwini, akungalindelwa uhlelo

lomhlaba olungawuhlenga, ngenxa yobungani obunenkohlakalo kulabo

abasemandleni. Esikhundleni sokuthembela kwabezombusazwe

abakhubazekile kanye neziphathimandla ezingamavila, amazwi ezinhlaka

zemiphakathi ezishoshovu zemvelo, zabesifazane, abasha kanye

nabasebenzi afune ngodli dlakalasi icebo lokubhekana nalesisimo

esiphuthumayo kakhulu esibhekene nesizukulwane sethu:

• Ukutshalwa kakhulu kwezimali emisebenzini evikela imvelo (Green Jobs)

ingenza abasebenzi bensimbi bakhe izigidigidi zezimbawula zamandla

kagesi aqhamuka elangeni (solar-powered geysers),ngokwesiboneli-nje,

ngabe benzela ukuthi uEskom avale amandla kagesi kwizincibilikisi

zealuminiyami zaseBHP Billiton futhi bese kumiswa ukwakhiwa kwezizinda

zamandla kagesi ngaphandle kokuba abantu balahlekelwe imisebenzi;

Izindlela ezintsha zokuthutha ezixhaswe ngezimali zingaphindisela emuva

indlela embi ekwakwakhiwe ngayo izindlela zokuthutha ngesikhathi

sobandlululo futhi lokho kusenze sonke sikujabulele ukuthuthwa izinqola

zompahakathi;

• Ukuqashwa kwabantu lapho izibi zingasetshenziswa kabusha bese kuthi

izinto ezibolayo zenziwe umannyolo ukuze kuqedwe ukukhiqizwa kwesisisi

semethane emigodini esasele yezibi;

• Kufanele imibhikilisho ebhekene ngqo nezizinda lapho kukhiqizwa khona

izisisi ezingcolisa umoya – njengeEskom, iSasol (imboni yangesikhathi

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!