26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

adlule, ukulwa nokumbiwa kweuranium ikhona-ke izishoshovi esezibhekena

nakho: “Akukho ndawo emhlabeni ezintabeni lapho kumbiwa khona

iuranium izakhamuzi zakhona zihlala eduze nayo. Uthola abantu behlezi

ezibini ezinobungozi obukhulu ezidala izifo ezifana nomdlavuza.”

Lamachibi angalawuleki, amanzi awo angeke akwazi uchela izitshalo

ziphile futhi awakwazi ukusekela impilo yomoya, amanzi kanye nonhlabathi

ecekelwe phansi ukungcoliswa izibi zesisisi. Ezinye izindlela zezishoshovu

ezimelene nokumbiwa nezimboni zokumbiwa phansi imiphakathi

yaseNingizimu Afrika: ukumbiwa kweplatinami eLimpopo kanye

naseNorthWest, kanye nokumbiwa kwetitanium eMpumalanga Kapa eWild

Coast, kanye nokumbiwa kwamalahle nasendaweni esemingceleni

waseZimbabwe eyaziwa ngeMapungubwe lapho kunezinsalela zomlando

bokhokho bakudala futhi ezingase zicekeleke phansi uma ukumbiwa

kungamiswa (njengoba nohulumeni ekuvuma lokhu).

Kukhona futhi idlanzana leqembu elibizwa ngokuthi iMinerals-Energy

Complex eqhubeka ngaphandle kokuqashwa, njengoba indawo efana

nokudabuka koluntu – kanye namanzi aseKruger Park kanye nezimpilo

zezigidigidi zabantu – zisebungozini: ukusekelana nezombusazwe

okunenkuhlakalo. Ngaphandle-ne kokuthekeleka amandla akagesi ngamanzi

aphansi kakhulu emhlabeni wonke kwizincibilikisi zemboni yaseBHP Billiton

kanye neAnglo American Corporation kuhlonishwa izinqumo

ezinobungebengu ezenziwa ngesikhathi sobandlululo, izimayini zamalahle

azophehlwa ngamalahle ezakhiwa nguEskom ziyofaka izigidigidi zamadola

kwiqembu elibusayo lezombusazo uKhongolose (African National Congress

ngenxa yobungani benkohlakalo nongxiwankulu benkampani yaseJapani

iHitachi.

Ngonyaka odlule, ababeqokwe iPitoli ukubhekelela umphakathi uma

sekwenziwa izinqumo ezinobungozi bathi igalelo likasihlalo weEskom kanye

nelunga leKomidi leZimali likaKhongolose uValli Moosa ‘alinabulungiswa’

ngokuhlela ukuhwebelana neHitachi Umphumela walokhu futhi kwenza

iphephandaba elihlala liseka ongxiwankulu iBusiness Day ihlanganyele

namaqembu emiphakathi angamashumi ayisithupha kanye nangamashumi

ayisishagalombili omhlaba begxeka ukubolekwa kweEskom u$3.75 billion

iWorld Bank eyagunyazwa ongxiwankulu abangontamolukhuni abaholwa

ngomongameli weBhange uRobert Zoellick ngoApril wonyaka odlule.

Abanye abazohlomula kulezimali zokuhweba eziqhamuka eWashington

ezitshalwa kwaEskom zimbandakanya okopoletsheni ababili abadinga

kakhulu imali: iBlack & Veatch yaseKansas kanye neBucyrus yaseWisconsin.

IBucyrus yakhombisa amandla ayo ngonuaka odlule ngenyanga kaOktoba

ukuze kuxhaswe imboni enkulu yomba amalahle iSasan yaseIndia ngezimali

zamabhange aseMelika, lemboni yayalela amalunga asephalamende

laseMelika ukuba angalinge amelane nabo okwenza ukuthi kuhlehliswe

isinqumo esaseshayiwe sokuthi iBhange lingaxhasi iSasan ngesizathu sesimo

sezulu.

Kodwa manje emva kokugxekwa yiEPA, iBucyrus isinokutatazela.

Eminyakeni engamashumi amane adlule, uJohn Prine wabhala iculo

elinomunyu ‘iParadise’ ngokucekelwa phansi kokumbiwa lapho azalelwa

khona eKentucky, ngalesisahlukwana esingenzansi uchaza ngesilwane

asibiza ‘ngeNgulube eNkulu’:

Yafika-ke imboni enkulu yamalahle nofosholo elikhulukazi emhlabeni

Bahlukumeza imithi bashiya izwe linqunu

Baqhubeka, nokumba amalahle izwe lagcina lomile

Base bekuqopha phansi njengokuthuthuka komuntu.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!