26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

nezokuthutha ngoba uhulumeni uyehluleka ukwenza amandla kagesi

enziwa kabusha ngokwanele kanye nezindlela ezintsha zokuthutha abantu;

• ‘ukulutha abantu’ ukuze isibalo esincane sesisisi esingcolisa umoya kube

sengathi siyahlanzwa kuzokwenziwa emphakathini ongazelele, njengoba

kwenziwa ngeNdebe yoMhlaba ka2010, njengokutshalwa kwezihlahla

eziningi (okuthi masezifa ziphinde zikhiqize isisisi) nokuqhubeka kokugcina

isisisi semethane emigodini yezibi – noma ngabe lemboni eluthayo kanye

nezomboni zezisisi ezingcolisa umoya zasemazweni aseNyakatho

ezimaketha ukukhiqizwa kwalesisisi zigxekwa umhlaba wonke, bese kuthi

ngolimi lwezomnotho zibonakala zihluleka ukwenza ngisho encane inzuzo

le;

• zizoqala-ke izindlela eziningi ezingasebenzi, njengokutshalwa komanyolo

ukwenza ukudla okudingekayo kube amandla okubasa, noma ukulahlwa

kwezibi zensimbi olwandle ukuze isisisi seCO2 sizike ngobungozi phansi

kolwandle kodwa futhi okuvele kuvuze ngokucekela phansi futhi okudinga

ingxenye enkulu yamalahle ukuze kwenzeke, noma ukuvuselelwa

lwamandla enuclear ngaphandle kokubheka ukuvalwa kwezinye izakhiwo

embonini enkulu, iKoeberg (eminyakeni eyisihlanu edlule ungqongqoshe

wezezimboni, uAlec Erwin, wachaza ngobudedengu ukuthi ukuhlaselwa

ingozi eyenzeka eKoeberg eyaholela ekutheni iqembu elibusayo

lilahlekelwe ubuholi bezombusazweni edolobheni laseKapa nangokhetho

olwalandela lukamasipala); kanye

• ‘iqembu labaholi bezesimo sezulu bomhlaba’ baseNingizimu Afrika

bazoma ukunxenxa bantu, noma izingxoxo zePitoli neNhlangano yeZizwe

engenamphumela ehlanganisa nokuxhasa 2009 Copenhagen Accord

yaseWashington egxekwe kakhulu, okungathi noma yenziwa ngokuzimisele

iyokwenyusa amazinga okushisa eAfrika ngobungozi obukhulu ngo3.5°C.

Njengoba neGreen Paper yeNational Climate Change Response kahulumeni

ivuma, “Umangase amazinga okushisa omhlaba ajwayelekile engase enyuke

ngaphansana kuka 2°C ngaphezu kwezinga lezimboni, kunokwenzeka

ukuthi umphumela ongaba khona eNingizimu Afrika ongadala umonakalo

onobungozi obukhulu futhi ongathatha isikhathi eside ukubuye esimweni

esijwayelekile.” Leliphepha lixwayisa ngokuqagelela ukulondolozwa

kwezemvelo,” emva kuka5050, izinga lokushisa liyobe selifike ku3-4°C

ikakhulukazi emadolobheni akhelene nolwandle, bese kuthi maphakathi

nezwe kufike ku6-7°C” – akekho futhi ongaphilo kulesosimo.

Umangabe uhulumeni kaMongameli Gedleyihlekisa Zuma enendaba ngesimo

sezulu kanye nezihlobo zakhe ezihlala emaphandleni aKwaZulu-Natal

okuyibona abahlaselwa kakhulu ukwanda kwesomiso kanye nozamcolo

ngeke agcine-nje emisile uhlelo lokusetshenziswa kuka$21 billion wezibasi

zamandla kagesi ezakhiwa imboni yezamandla kagesi kahuluumeni uEskom:

njengeMedupi okumanje iyakhiwa kanye neKusile nayo elungiselelwa

ukwakhiwa khona maduzane. IPitoli futhi liyonqaba futhi ukuvuma ukuthi

ilona elivumlelile ukuthi kwenziwe izimayini ezingamashumi amane

okuthiwa zidingakala ukuthi zikhiqizele lezizimboni ezakhiwayo zamnadla

kagesi ngemalahle, njengoba kwenzeka Lapho Kwadabuka khona uluntu

(Cradle of Humankind) kanye naseWest Virginia, lezizimayini zidala

umonakalo ongapheli wokungcolisa imifula kanye nokushisa kakhulu

kwezulu emhlabeni wonke.

Ubufakazi obuningi bokucekelwa phansi kwendawo yaseWitwatersrand

kuvela ocwaningweni olwenziwe isishoshovu samanzi uMariette Liefferink,

kunensalela eningi yamachibi angu270 asale ngenkathi kumbiwa

amadayimane negolide. Njengoba igolide seliphela ngaphansi komhlaba,

njengoba noLiefferink ayetshela iphephandaba laseGoli emasontweni

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!