April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
kakhokho uAustralopithecus asengcupheni yokunyamalala ngenxa

yokungcoliswa komoya ubukhulu bemboni yokumba phansi; kanye

• nokuphikiswa kakhulu kokutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika yizwe

laseMelika ukuze kwakhiwe indawo lapho kuzokhiqizwa khona amandla

kagesi, okuyoba isakhiwo esikhulu ngekwesithathu emhlabeni wonke

samandla kagesi aphehlwe ngamalahle.

Kwenye impi ekubhekwenwe nayo, ukuqedwa kokumbiwa kwamalahle

eWest Virginia, okwathi emva kwezinsuku eziyisishagalolunye emva

kuka3Januwari kushone iqhawe lesishoshovu samalungelo ezemvelo

ebulawa umdlavuza uJudy Bonds, iEnvironmental Protection Agency (EPA)

yachitha isinqumo esasivumela iArmy Corps of Engineers ukuthi imbe futhi

kuthuthwe iphezulu lentaba lapho kumbiwa khona amalahle. Izinkampani

zamalahle kudala zaqala zicekela phansi izintaba ezinhle

zaseAppalachians. Ukuze bambe ithani lamandla okubasa endalo, kufanele

balahle amathani ayishumi nesithupha ezibi ezindaweni ezakhelene nabo.

Emva kwengcindezi enkulu yimiphakathi eyakhelene nentaba kanye

nezishoshovu zezemvelo, iEPA ithathe isinqumo lapho ichithe khona ukuthi

“angeke ikwamukele ukungcoliswa kwamanzi kamasipala okunobungozi,

imibhede yofishi izizinda zokudoba (ngisho nalapho ofishi bechamusela

khona), izitshalo kanye nezilwane zasendle kanye nezindawo

zokungcebeleka.’ Ngokusho kukangoti wesangoma sezulu waseMelika

James Hansen, ebhala ngohamba kukaBonds emhlabeni kwiNew York Times

kulamasonto edlule wathu, “Kunezinto eziningi ekufanele sibhekane

mayelana nokushintsha kwesimo sezulu, kodwa ukumbiwa kokususwa

komhlaba wentaba indawo esingaqala kuyona. Amalahle iwona adala isisisi

esingcolisa kakhulu umoya lapho kwenziwa khona amandla kagesi.” IEPA

yathatha igxathu sekuyophela inyanga kaDisemba nyakenye lapho noma

isihanjelwe ukulawula ukukhiqizwa kwezisisiezingcolisa umoya.

Ngokusukumela lesisimo kanye nezindlela zomthetho, imiphakathi

yaseMelika kanye neqembu leSierra bavimbele ukwakhiwo kwezindawo

eziyikhulu namashumi amahlanu zamandla kagesi enziwa ngokuphehlwa

amalahle eminyakeni embalwa edlule, okungukunqoba okumangalisayo

(zimbalwa izakhiwo ezagcina zenziwe).

Kodwa eNingizimu Afrika, impi ima isaqala. Uhulumeni kazwelonke

wasePitoli kanye neziphathimandla zikamasipala wedolobha elisechwebeni

iTheku bayaqhubeka mokukhuluma imbued bevikela amalahle, iKusile

kanye ne‘COP17’, ingqingquthela ezokuba kusukela zingu28Novemba kuze

kube zingu9Disemba babize lengqungquthela phecelezi ngokuthi

i‘Conference of the Parties 17’ okusho ukuthi iNgqungquthela

yeziNhlangano ezingu17 (kodwa ekufanele ibizwe phecelezi ngokuthi

iConference of Polluters okungukuthi iNgqungquthela Yabangcolisi

bakaMoya). Nazi-ke izinye izindlela uhulumeni waseNingizimu Afrika kanye

nongxiwankulu abafuna ukusixhopha ngakho:

• eThekwini, ukukhuluma kakhulu ‘ngokunakekela imvelo’ kuyobe kuzama

ukuthi inganakwa indaba yesisisi siphuma kakhulu seCO2 eNingizimu

neTheku (SouthDurban) lapho kuhlale kubhamuka obhayela bamafutha

esizindeni sawo,lapho kunechweba elikhulukazi eAfrika yonke, kanye

nokugqugquzelwa ezokungcebeleka (njengendlela yokuthuthukisa

ezomnotho kusukela phansi), ukungapheli kokwakhiwa kwenkundla

yezemidlalo kanye nesiphumulo sezindiza esisha esingadingakali iNkosi

Shaka, ugesi othekelelwa isincibilikisi esinengozi saseAssmang (okuyiyina

mboni edla kakhulu amandla kagesi kulelidolobha ngamamegawatt

ayingxenye yesigidi zamahora ngonyaka), ukwakhiwa ngokwenaba izindawo

ezintsha zokuhlala abanemali, ukushoda kukagesi okwanele kanye