April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
Futhi nge2010 COP 16 eyayiseCancún, uNgongqoshe omusha waManzi

kanyeneZemvelo, uEdna Molewa, wakhuluma ‘ngentuthuko’ uma

kukhulunywa ngokuphuthuma kwesimo esidinga ukuthi kuncishiswe

ukwenziwa kwemikhiqizo eholela esisisini esingcolisa umoya: ‘Sikholelwa

ukuthi kubalulekile kakhulu ukuthi njengamazwe asathuthuka sithole

ithuba lokuvumela intuthuko yenzeka ngenxa yobuphofu.’

UMolewa uzama ukuthi ukukhiqizwa kakhulu kwezisisi ezingcolisa umoya

eNingizimu Afrika kwenza ukuthi kunciphe ubuphofu eNingizimu Afrika,

empeleni akekho ongazi ukuthi okwenzekayo okuphambene nalokho.

UEskom uthekelela amandla kagesi ashibhe kakhulu emhlabeni wonke

ezimbonini ezimbili ezinkulu ezikhiqiza ezezimayini kanye nensimbi (iBHP

Billiton kanyeneAnglo American Corporation)ebe efuna ukwenyusa

ngamaphesenti angu127 izindlu zezakhamuzi kusukela ngo2009 kuya

ku2012 ukukhokhela ukubhekana nalokhu. Lokhu kudala ukuthi abantu

abaningi bavalelwe ugesi.

Ngabe uZuma uyazi ukuthi wayenzani, evumela ukuthi imigomo

ehambisana nokuzwelana nezimboni ezinkulu kunezinkulungwane

zabalandeli bakhe? Ngabe lezizimboni izona yini ezigcina inhlangano

ebusayo yezombusazwe inemali, ukuthuthukisa izicebi ezimnyama (Black

Economic Empowerment) kanye nemisebenzi yabangani bayo? Ngabe

badinga izinga eliphezulu lokukhuqizwa kwesisisi esingcolisa umoya ukuze

baqhubeke nokuthola amandla kagesi ashibhe kakhulu enziwa

ngokuphehlwa kwamalahle,bese kuhanjiswa inzuzo eLondon

naseMelbourne?

Mhlawumbe izimpendulo ziyavumelana nalokhu, kodwa ngakolunye

uhlangothi, kunezincazelo ezimbili – ukungazi kanye nobugwala –

eminyakeni eyisishagalombili edlule – kwakuyiyona ndlela lapho uZuma

ayevikela ngayoukuqhubeka nokungayisukumeli pjezulu indaba yengculaza.

Wasiza uMongameli uThabo Mbeki ngesikhathi lapho u330,000 wabantu

baseNingizimu Afrika bafa bebulawa ukunqaba kwePitoli ukubanika

amakhambi adambisa ingculaza amaARV, njengoba kwakhombisa

ucwaningo lwesifundo esenziwa isikhungo semfundo ephakeme iHarvard

Public Health School.

Ngokuzindlalela kahle, uZuma washintsha umqondo ngo2003 (noma

kwakekuchithwe isikhathi) lapho aphumela obala wavumela ukuthi

imishanguzo yengculaza isabalaliswe ezweni, nenkathi ingcindezi enkulu

eyayivela emphakathini yayenyuka yenziwa I Treatment Action Campaign

(TAC) kanye nozakwabo basemazweni omhlaba. ITAC yaqhubeka nokubeka

uZuma icala ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe ngesikhathi ebhekene

necala lokusolwa ngokudlwengulwa ngo2006.

Ileyondlela yengcindezi enohlonze izishoshovu zakuleli ezilwa nokushintsha

kwesimo sezulu zenhlangano iClimate Justice Now! SA ezizoyenza, ukuze

kuvimbeke ukuthi kungavunyelwa uZuma abe ngomunye wabahlanyela

ekubhubhiseni isizwe.

ICOP 17 ezoba seThekwini eInternational Convention Centre, kusukela

ngoNovemba mhla zingu28 kuze kuze kuba ngumhlaka 9 kuDisemba, ilona

thuba lapho imiphakathi kofanele iqinisekise ukuthi iPitoli iyothatha

izinqumo ezingeke zibhubhise izwe. Elinye ithuba elithi alifane naleli

lalingo2001 kwiNgqungquthela Yomhlaba Emelene Nobandlululo (iWorld

Conference Against Racism) eyadonsa ababhikilishi abangu10,000

ababedinwe ukuthi uMbeki wayevumelane neWashington, ukususa

ezinhlelweni(agenda) zeNhlangano YeZizwe ukufunwa ngodli ukukhokhwa

kwezimali zokusinxephezela ngenxa yobandlululo kanye nokuqedwa

kobandlululo okwenziwa yizwe laseIsrael esizweni sasePalestine.