26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Mhla egcina ukuma phambi komhlaba mayelana nezindaba zokushintsha

kwesimo sezulu, ngo2007, eWashington, uvan Schalkwyk ngokukhulu

ukusasa lokhu wagqugquzela imakethe yomhlaba yokudayiswa kwesisisi

esingcolisa umoya, lapho-ke umhlaba kwakufanele uvele umkhiphe

ezingxixweni ezimayelana nesimo sezulu.

Kodwa omunye ongumhwebi wesisisi esingcolisa umoya, uChristiana

Figueres, weqiswa phezu kwabanye ngenyanga kaMeyi kunyaka odlule

ukuze athole isikhundla esiphezulu sokuhola iUNFCCC.

Ngaphezu longqongqoshe abahlala behluleka emsebenzini yabo ukubhekana

nesimo esibi sokushintsha kwezulu, ezinye izikhulu zezombusazwe

ezingochwepheshe kwezesayensi zasePitoli kufanele nazo zimbandakanywe

kanye nalabongqongqoshe. NgoDisemba ka2009 eCopenhagen,

abagqugquzeli baseNingizimu Afrika basebegxekwa ngomunye wabaholi

bezesimo sezulu weG77 uLumumba Di-Aping ‘ngokusebenzela ukuhlakaza

ukuhlanganyela kwamazwe aseAfrika.’

Omunye wezikhulu zaseNingizimu Afrika, uJoanne Yawitch, waphoqa

ngokukhulu ukumphoxa ukuthi axolise uDi-Aping ngokukhuluma kwakhe

angesabi (lapho kwakuhlanganyele amazwe aseAfrika), njengoba

kwakubikwe yiblogger yeNoseweek uAdam Welz.

Kodwa ngokuhlanganyela nabomongameli waseMelika, eChina, eBrazil

kanye naseIndia ukuthi basayine i2009 Copenhagen Accord, uZuma wenza

okufanayo nokwenziwa uYawitch ukuthi kwakwenzeka: ukucekela phansi

ubumbano lwaseAfrika kanye neG77 ngesinyenyela, emhlangweneni

owawenziwe eceleni futhi okwakuphikiswana nawo.

Umndeni waseKenya kamongameli waseMelika uBarack Obama kanye

nabangani bakaZuma bamaZulu ibona impela izimpilo zabo eziyocekeleka

phansi ngokuphazamiseka kwesimo sezulu, njengoba sekuke kwabonakala

ngokuhlasela kukazamcolo KwaZulu. UDi-Aping wabuza ngokudabuka

okukhulu, “Yini uObama azoyitshela amadodakazi akhe? Ukuthi izimpilo

zezihlobo zawo azibalulekile nhlobo?’ UDi-Aping wayihlaba esikhonkosini

ngenkathi echaza iCopenhagen Accord ‘njengendlela ekuvunyelwene ngayo

yokuqinisekisa ukuthi amazwe ambalwa ayohlala ethembele kwamanye

kwezomnotho.’

ECopenhagen kanye naseCancun, indlela yolugwegwisa eyenziwe

abagqugquzeli basePitoli kwakungukunquma ukwehlisa izinga lokungcolisa

umoya oholela ekushintsheni kwesimo sezulu ngamaphesenti angu34

percent ka2020 ‘kodwa kube kuqhutshekwa nokuhweba’. Kodwa-ke,

uTristen Taylor weEarthlife Africa wancenga ukuthi iPitoli limnike

imininingwane lesithembiso salamaphesenti angu34, kwathi emva

kokulindiswa amasonto amabili ngoDesemba ka 2009, wathola ukuthi

ukuqagela kukaYawitch kwakususelwa kwi‘Growth Without Constraint’

(GWC) lapho abagqugquzeli bakahulumeni baseke bekhuluma ngokuncenga,

ngaphandle kokubona ngokusobala ukuyetha komnotho wokukhiqiza

waseNingizimu Afrika.

Ngokusho kukaTaylor, ‘IGWC iyisifiso nje engqondweni yezifundiswa

ukubona ukuthi singakanani isisisi iNingizimu Afrika engasikhiqiza uma

ingase inikwe uxhaso olukhulu kanye namanani aphansi amandla kagesi.’

Izikhulu vele zasezivumelene ngokuthi iGWC ‘yayingenamdlandla futhi

ingakholeki’ ezinyangeni eziyishumi nesishagalombili ezedlule, okwenza

ukuthi uTaylor afike kulesisinqumo sokuthi, ‘Uhulumeni waseNingizimu

Afrika indlela-nje eyayizidayisa ngayo.’

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!