26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

eGlobal Justice Ecology Project, eLarge Scale Biofuels Action Group, ethe

STOP GE Trees Campaign kanye neWorld Rainforest Movement bayichitha

imigomo eyanqunywa engqungqutheleni eyayiseNairobi.

Kodwa uvan Schalkwyk wabika ephephandabeni elihamba phambili ukuthi

iPitoli lalikwzile ukufeza imigomo yalo ehamba phambili eNairobi,

ehlanganisa ukuqala iCDM eAfrika, kanye nokwamukela ukuxhaswa

yiNhlangano Yezizwe ‘yokusabalalisa izindlela ezinobulungiswa zeCDM’,

enezelelela ngokuthi lomsebenzi ‘uthumela umyalezo ogqmile

ezimaketheni zezisisi ezingcolisa umoya ngokuhlanganyela kanye nathi

ukubambisana nolubusa kwezinyathelo zaseKyoto’.

Kodwa maduzane nje emva kwalokho ukukhombisa ukungahambisani

nezinyathelo zaseKyoto zokwehlise kokukhiqizwa kwezisisi ezingcolisa

umoya, ozakwabo beKhabhinethi bakavan Schalkwyk emva nje kwezinsuku,

baqinisekisa ukuthi bafuna izimali zokuxhaswa ezinkulu ngokomlando

waseAfrika wokuthi kwakhiwe isincibilikisi (smelter) ePort Elizabeth

eCoega, okuchaza ukwenyuka kwezimali ezixhasa ukwakhiwo kwezindawo

ezizokhiqiza amandla kagesi ngokuphehlwa kwamalahle. Ungakapheli-nje

unyaka, ukusabalaliswa kwamandla kagesi kwancipha kakhulu (load

shedding), ngakho-ke lesisakhiwo ababefuna ukusenza asiphumelelanga

ngo2008. Kodwa isu labo kwakungukwakha isincibilikisi samabhiliyoni

anamashumi amabili amarandi (R20 billion), okusho ukuthi babeyobe

sebeyakwazi ukucela ukuxhaswa ngemali yeCDM ukuze bakwazi

ukuqhubeka ukwandisa ukwenza amandla kagesi ngokuphehlwa kwamahle.

Omunye wochwepheshe ohamba phambili kulelizwe kwisayensi ebhekene

nokushuba kwesimo sezulu , uRichard Fuggle, walahla ngecala

abagqugquzeli beCoega enkulumweni yakhe yokuvalelisa esethatha

umhlalaphansi esikhungweni semfundo ephakeme eUniversity of Cape

Town: “Kuyadabukisa ukuthi uvan Schalkwyk ukhulume kakhulu ngobuhle

bezakhiwo ezincane eziyishumi nantathu zaseNingizimu Afrika ukuze

athole ukuxhaswa ngekwenza izisisis ezingcolisa umoya ngaphansi kwe CDM

yezinqumo zeKyoto, ngaphandle kokuzwakalisa ukujabha ngokuthi uEskom

udayisa u1360 megawatts ngonyaka kamandla kagesi enziwa ngokuphehlwa

kwamalahle enkampanini yealuminiyamu uasezweni langaphandle. Vele

thina sihamba phambili ngokukhiqiza isisisi esingcolisa umoya idola lilinye

leGDP.’

Ngenxa yalokhu, kuyacaca ukuthi uvan Schalkwyk, ngoMashi ka2010,

ngomunye owayehamba phambili ukungenela ukhetho lokuba yisikhulu

seUnited Nations Framework Convention on Climate (UNFCCC) emva

kokwesula kowayephethe, uYvo de Boer (owajika lapho wasebenzela konke

okumelene nenhlangano yezizwe ngokuba isikhulu esihola kakhulu

esidayisa isisisi esingcolisa umoya) kulandela ingqungquthela

eyayiseCopenhagen ngo2009 lapho iUNFCCC yaphelelwa khona isithunzi.

Ngakho-ke i COPs ,manje isibizwa ‘Ngengqungquthela Yabangcolisi Besimo

Sezulu’.

Umangabe umholi weNhlangano Yezizwe uBan ki-Moon wayedinga umuntu

olwela amalungelo ezemvelo ohlonishwayo ukuthi ahole iUNFCCC, uvan

Schalkwyk kwakungafanele acele lomsebenzi, ikakhulukazi futhi uma

sesibheka ikamuva lakhe ngongowaziwayo ukuthi wayeyimpimpi

ezinhlanganweni zamafundi ngesikhathi sobandlululo futhi waba yindoda

eyadayisa ngenhlangano yayo yezombusazwe ukuze ithole isikhundla

esincane sekhabhinethi. Ngaphezu kwalokho, umangabe uvan Schalkwyk

wayengabe umholi ophambili emhlabeni kwezokubuswa, yini eyenza ukuthi

uMongameli uJacob Zuma anciphise amandla esikhundla sakhe ekutheni

angabe esaphatha izindaba zesizwe ezimayelana nezemvelo ngo2009?

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!