April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
esingcolisa umkhathi.

INingizimu Afrika njengamanje imatasatasa yakha odukathole bazizinda

zamandla amalahla eKusile kanye naseMedupi (okuzoba izizinda ezinkulu

kakhulu emhlabeni zesithathu nesesine), lokhu okuzokwenza kuvulwe

izimayini ezingamashumi amane phezu kokuba sibhekene nehlazo

lokungcolisa umoya wesimo sezulu kanye namanzi, futhi njengoba sisafuna

‘isikhala sesisisi’ esingcolisa umoya esizobeka engcupheni izizukulwane

ezizayo ngoba kuthiwa lokhu kudingekile ukuze ‘kube nentuthuko’.

INingizmu Afrika yayingalindelwe kwasekuqaleni esigabeni sokuqala

seKyoto Protocol (kusukela ku1997 kuya ku2012) ukuthi yehlise izinga

lokukhiqiza izisisi ezingcolisa umoya. Kodwa uma sekuziwa esigabeni

sesibili, okuzoxoxwa ngaso eThekwini, abagqugquzeli baseNingizimu Afrika

bahlanganyela neqembu eliyishaya phambili liyishaye emuva lamazwe

eminotho esafufusa afuna ukungazinikela kakhulu kwisinqumo esathathwa

eKyoto njengoba kwenza amazwe aseNingizimu nawaseNyakatho ukuthi

abe nomthelela wokwehliswa kokukhiqizwa kwesisisi esingcolisa umoya,

noma futhi mhlawumbe kuchithwe izinqumo ezibambezelayo ezenziwa

eKyoto ngemigomo ekufanele kufikwe kuyona noma kuqalwe izindlela

ezintsha ezigcwele inkohlakalo kanye nokudayiswa kwesisisi esingcolisa

umoya naso esinokukhohlakala.

Ingqungquthela yaseNairobi ngo2006 yenza ushintsho kezizingxoxo zesimo

sezulu, ngoba ungqongqoshe wasePitoli wezemvelo kanye nezokuvakasha

ngalesosikhathi kwakunguMarthinus van Schalkwyk, owayekade engumholi

weNew National Party. (Namhlanje usengungqongqoshe wezokuvakasha-nje

kuphela.)

Isikhwama sokukwenza kabusha (Adaptation Fund) saqalwa eNairobi,

kodwa ukukhula kwaso kwakuncike ezimalini eziqhamuka Kwindlela

eHlanzekile Yokuthuthukisa (Clean Development Mechanism (CDM)) indlela

yokudayiswa kwesisisi esingcolisa umoya. Emasontweni ambalwa edlule,

iNhlangano yaseEurope ( European Union) yabika ngokuvalwa kwenzuzo

yeCDM, kanye nokungcolisa kwesimo sezulu imikhiqizo yezibandisi (fridges)

eyenziwa eChina ngoba okuyiyona ekhokha kakhulu ngoba ilona zwe elenza

kakhulu imikhiqizo eyenza izisisi(greenhouse gases) ezingcolisa umoya

okuba nomthelela wokushintsho kwesimo sezulu.

Imakethe yaseCDM njengamanje ingaphansi kuka$8 wamabhiliyoni

ngonyaka njengamanje, futhi Iafrika isathole cishe amaphesenti amabili

alemali, ikakhulukazi ukuze kwenziwe izakhiwo zaseNingizimu Afrika

ezifana nalesi esinimsindo njengesase Bisasar Road lapho kuchithwa khona

izibi eThekwini endaweni yaseClare Estate.

Izishoshovu zomphakathi walendawo ezaziholwa nguSajida Khan ongasekho

emhlabeni zazifuna ukuthi iBisasar ibe isivaliwe kodwa ngo2002 iBhange

Lomhlaba (World Bank) yathembisa ikhulu lamamiliyoni lamarandi

ukuxhasa ngokuthi isisisi imethane gas eqhamuka kwizibi ezibolile yenziwe

amandla kagesi, lokho okwakhombisa ukubukela phansi isimo esingesihle

sezempilo esiwumpumela walesisisi kanye nokubandlululwa ngezemvelo

kwabantu bakulendawo (iClare Estate iyindawo ehlala abantu abamnyama

futhi ngalesosizathu yenziwa ukuthi kwenziwe kuyona umgodi omkhulu

okufakwa kuwo izibi eAfrika). Nalapho kusaqhubeka ukuthi

abezombusazwe baseThekwini bahlomule ngaphambi kwabantu.

Ngenxa yokuthi izikhulu zeCDM ziyaqhubeka nokuvumela ukwenziwa

kwamandla nemikhiqizo yemvelo (biofuels) kanye nezihlahla ezenziwe

ngokungenelela kwezesayensi (genetically engineered timber),

ochwepheshe abaqhamuka emiphakathini baseGlobal Forest Coalition,