26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

The City in the Field

NguNawal El saadawi

Yahunyushwa nguFaith ka-Manzi

Njengamanje, sengihlanganise iminyaka eyishumi nesishagalombili, futhi

ngiphile ngaze ngaba ufakazi nami ngazimbandakanya nokuvukelwa

kombuso wase-Egypt ngoJanuwari 2011.

Ngibhala lombiko ngeSonto ekuseni ngesonto lokuqala likaFebruary 2011.

Ezinsukwini nobusuku obuyishumi nambili, izigidi zabesifazane namadoda

baseEgypt, amaSulumane namaKrestu, abantu bezinkolelo nokubona

ngokwehlukile kwezombusazwe bonke – abantu baseEgypt – baqhubekile

bahlanganyela ngaphansi kombono owodwa ukuthi bavukela umbuso.

Bahlanganyele ukumelana nenkohlakalo, ukubuswa ngendlovuyangena,

okubolile kusuka emandulo kuze kufike kuFaro obusa manje. Umbuso

wakhe ugcwele igazi labantu,njengoba inhlangano yakhe yezombusazwe

idedela izigelekeqe ukuthi zibulale ulusha, bese kuthi izinduna

zasephalamende zishaye imithetho engenasisekelo, ngenkathi bedayisa

ngomhlaba nangebesifazane, izidakamizwa kanye nomkhonyovu. Ababusi

bakhe abaziwa ngokuthi izifundiswa kudala badayisa ngosiba kanye

nangonembeza, bedusa indlale umphakathi ocananga ngayo, ngoba

begaqele izikhundla zikahulumeni, ezinkulu noma ezincane.

Lokhukuvukelwa kombuso sekwenze abaesifazane abasebasha, amadoda,

ngisho nezingane kusukela emakhaya abo, kubayisa phambili, bevikelana.

Ngakho-ke umbuso omdala uyashabalala, kanti ukuchitheka kwawo kuphela

nalokho amaphoyisa akubiza “ukuvikeleka” ngakho kuphela ukulawulwa

kokusabalaliswa kolwazi kanye nezobuciko, futhi sekuphela iqembu

elazibeka lona elibizwa ngokuthi “iKomidi laMadoda aHlakaniphile”

abaxhumene kakhulu nengcebo kanye namadla. Kanye nabaholi beqembu,

ngisho nalabo abazibiza njengamaqembu aphikisayo kodwa ngenxa

yokufuna ukugombela kwesabo bawuxhasa lombuso obala kanye

nangesinyenyela cishe iminyaka engamshumi ayisihlanu, nabo futhi

sebephelelwe isikhathi.

Laba ngabantu abadala inxushunxushu ngaphansi kwegama lezokuzivikela,

ukubuswa ngendluzula ngephansi kwegama lentando yeningi, ubuhlwempu

kanye nokungabibikgo kwemisebenzi ngaphansi kwegama lentuthuko kanye

nokuhlomula, ukudayiswa komzimba kanye nokuhlukunyezwa ngaphansi

kwegama lenkululeko yokuzikhethela kanye namasiko, kanye nokuba

ngaphansi kwengcindezi nokuphila ubugqila ngaphansi kwegama

lobudlelwane kanye nobungane noma ukwenza izindlela zokuthula.Bavalela

emajele abesifazane abanjengami, abangabanikazi bosiba kanye namazwi,

bezama ukusithulisa genkathi singaphakathi ezindlwaneni zethu ejele,

ukusihlukanisa nabantu kanye nokucekela phansi izimilo zethu, noma

ukusixoshela ngaphandle noma ngaphakathi ezweni lokhokho bethu.

Kodwa-ke lesisikhathi sesihlukile. Isikhathi lapho kuphume khona izigidigidi

zamadoda nabesifazane, emigwaqeni yazozonke izifunda, ezabelweni

kanye nasemadolobheni, kusukela eAswan kuya eAlexandria, eSuez, ePort

Said, yonke indawo ezweni lakithi. Enhlokodolobha, eCairo, kucwebezela

insimu yokukhululeka, uTahrir (okuchaza ukukhululeka) Square – izwe

lethu, lapho sihlanganyela khona. Idolobha lamatende ngaphezu kwetiyela.

Fuhti ngaphakathi kwamatende kunabantu ababumbene ngendlela

emangalisayo.

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!