April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal
Create successful ePaper yourself
Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.
abampofu beza kubo ukuzobhikilisha, kwase kuholela ekuvukuleni umbuso.

Amaqembu ezombusazwe ajwayelekile asenkingeni ngoba

ayengontamolukhuni kwasekuqaleni.”

Uma sesibuyela eDakar, noma-ke , iWSF ibe nobuhixihixi, okufanele

bubhekwe kahle ukuze izimo ezinje zingavele emibuthwaneni elandelayo.

Lapho ababesuka kude ukuze bezokhuluma nezingqinamba ababhekene

nazo ngqo futhi bafunde kozakwabo, nabo baxoxe ngemininingwane yabo,

kube nezinkulumo mpikiswano ukuze baqhubeke nemisebenzi yabo

babedinwe begane unwabu ngezinsuku ezimbili zokuqala eDiop University,

isikhungo semfundo esikhulukazi kulengxenye yaseAfrika. Izinhlangano

ezingekho ngaphansi kukahulumeni zezifundiswa zona zashesha zakwazi

ukubuye zizihlele kodwa laba abahola amaholo amancane kakhulu

abesifazane baseAfrika babengenabo omakhalekhukhwini futhi baphatheka

kabi kakhulu.

Inkinga ukuthi abagqugquzeli balombuthano iWSF bebengakabi namandla

ezombusazwe ngokwanele ukwenza ukuphoqa izikhulu zenyuvesi ukuthi

zizigcine izivumelwano ezenziwa ngomlomo zokusinika izindawo ezanele

zokuhlanganyela. Ukumenywa kukaMongameli waseSenegal ukuthi abe

khona kulombuthano uAbdoulaye Wade –ongomunye oxhasa izinhlelo

zongxiwankulu basemazweni aseNyakatho- akubanga khona ukuhlakanipha

ngoba uyibukela phansi imigomo yeWSF, ikakhulukazi izinkulungwane

zezishoshovu zakuleyandawo ezilwela amalungelo esintu kanye nokubuswa

ngentando yeningi.

Ukungaxhaswa ezombusazwe zakulesisikhungo kwachaza ukuhlakazwa

kwezingxoxo zokuqala kanye nokudleka kwesikhathi kuzanywa ezinye

izindawo zokuhlanganyela, njengoba nabafundi babefika emakilasini

ngesikhathi kufanele ngabe basemaholidini ngokwekhalenda

lasesikhungweni. Kodwa isiteleka ngabafundi belwa nendlela kaWade

yokufuna izimali yenza langababikho iholidi baqhubeka nokufunda abafundi

kwaze kwaba isonto elidlule.

Njengesinye isishoshovu sathi kwizihambeli zeWSF ngaphambi

kokuhlangano kokuhlelwa kwezingxoxo ezimayelana nesimo sezulu

ngoLwesine, “Singulusha lalelizwe, kodwa azinazo izidingongqangi

zokungena. Isikhungo somphakathi lesi. Nina ningabokuhamba

basemazweni. Ningakwazi ukufaka ingcindezi. Kuze kube khona isixazululo

sizoqhubeka nokubhikilisha.”

Inkanyezi ebihola phambili kuWSF kulonyaka, ngokukhulu ukwethuka lokhu,

bekunguMongameli waseBolivia uEvo Morales. Ngaphesu kwezinkulumo

ezinzulu mayelana nokuphunyunywa kokulungiswa kwesimo sezulu, wavela

nezinto ezining ezananelwa izihambeli zaseNingizimu Afrika: “Sizoya

kwiNhlangano yeZizwe siyobatshela ukuthi amanzi ilungelo lawo wonke

umuntu emphakathini okungafanelwe linganyelwe izinkampani zangasese,

kodwa ngabo bone abantu, ngisho nabantu basemaphandleni.”

Umbuzo olandelayo uthi zihlanganyela kanjani futhi sixhumana kanjani

neminye imizabalazo ukuze izidingo zazo zihlangatshezwe,

njengemisebenzi, ezemvelo nokukhululeka ekubusweni ngemithetho

yamadoda, ukucwaswa kwabalala ngobulili obubodwa, ukucwaswa ngebala

kanye nezinye izindlela eziningi ezisibuyisela emuva. Uma noma ikuphi

ukuhlangana kungazama ukuvuselela umbono wentando yeningi

njengesisekelo kwengenzwe ezobulungiswa kwezomnotho emphakathini,

kungaba iWSF. Kodwa kuzoba umqansa.

Uhlelo oluluncane oluthi alufane nokukade kwenzeka kulombuthano

luzobonakala ngoNovemba, njengombuthano wezishoshovu ezobe