26.02.2013 Views

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

April 2011 - Centre for Civil Society - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ezenkolo) njengaseTahrir Square eCairo kulasonto ambalwa edlule,

ngenkathi izakhamizi zaseTunisia nazo kade zivukela umbusi uBen Ali

waseTunis. IAlgeria, neYemen kanye nePalestine nabo abazibekile phansi

ngokwethemba ukuba nentando yeningi eqhamuka emiphakathini,

ngenkathi izitha zabo ezixhasa abababusa ngendlovuyangena bengenwa

yitwetwe.

Kodwa ukuvukelwa kwalemibuso akukahlanganiswa, futhi ngeSonto,

imibiko emibi eqhamuka ohlakeni oluphezulu lombutho wezempi yaseCairo

(Higher Military Council) – ababusi abasha – ibika ukuthi kungase kuvalwe

ukuhlangana kwabasebenzi kanye nokulwa ngokubuswa ngesidlova.

Ukubhikilisha okuningi esikubone kulezizinsuku ezevile kweziyishumi

yizinhlangano zaseNingizimu Afrika zabasebenzi kanye nenhlanganyela

yezishoshovu eziqhamuka emazweni aseMaphakathi neMpumalanga (Middle

East) ezindlini zenxusa laseEgypt ePitoli kuzofanele kuqhubeke.

Ukuphindisela emuva imigomo yezomnotho eyenziwa eWashington

enemiphumela ecekela phansi enye ingqinamba engeke ize ibalekelwe.

Noma ngabe ubeqonde iEgypt (noma iNingizimu Afrika), uSamir Amin

umhlaziyi wezomnotho zombusazwe wathi ngeTunisia, “Izimo zomnotho

kanye nezomphakathi yizona eziholele ekutheni abantu bavukele umbuso.

Izwe libhekene kakhulu namazinga anyukayo okwesweleka kwemisebenzi,

ikakhulukazi kulusha, ngisho nolusha olufundile. Izinga lempilo labaningi

liyehla.”

Noma kunjalo, ukuketulwa kwemibuso yendlovuyangena kaAli noMubarak,

engathi okunzima kakhulu sekudlulwe kukho kwizigidi ezikhombise

ngesibindi esikhulu, nganani lamakhulu labalahlekelwa izimpilo zabo kanye

nezinkulungwane ezilimele, ikakhulukazi ngenkathi ezempoi zihluleka

ukusuka ababehlezi ngodli eTahrir Square, okwathusa abaxhasi bombuso

eTel Aviv kanye naseWashington.

Engabe uBarack Obama noHillary Clinton bazizwa kanjani manje, ukuthi

izinkulumo zabo ngentando yeningi zango2009 (eCairo!) kanye nesidingo

sokukhululeka ngezokuxhumana ngeinternet abantu basithatha

njengesibalulekile kakhulu. Ubumbaxambili babo bobabili – noObama

ethemba okungenafu ukuthi uMubaral uzobusa kuze kube nguSeptemba

ukuze umbuso omusha uzoxhasa izwe lakwaIsrael. Kanye futhi noClinto

ezama okungenampumela ukuvala izindlela zokuxhumana zeinternet

(Wikileaks) okuyizona ezisize izibhelu – esinye isiboniso lapho iMelika

ikhuluma ngokulawaulwa ngentando yeningi, kodwa igqugquzele ukubuswa

ngendlovuyangena (Talk-left/Walk-right).

Ozakwethu baseArab-African Research Centre bebelokhu beqaphephele

ukukhononda kuqhubeka iminyaka, befunda ngezibhelu ezingu1200

ezenzeke eEgypt kusukela ngo2009. Isekela likaMongameli waloluhlaka

uHelmi Sharawy ukubiza “njengokuvukelwa kombuso ngabantu

okunedumela” futhi umsuka wakho useminyakeni engamathathu edlule.

Okusha-ke, ebika eseTahrir Square ngesonto eledlule, ukuthi izindlela

ezintsha zokuxhumana oFacebook, noTwitter kanye neinternet “iyona

ndlela yokugcina yokuxhumana yalusha njengoba sonke sihlupheka

ngaphansi kokulawulwa uMthetho Ophuthumayo kusukela ngo1981."Kodwa

noma ngabe uMubarak ekunqamulile ukuxhunyanwa ngeinternet,

ukuxhumana komphakathi ngezindlela zesimanjemanje bekusebenza

impela..

Hayi-nje eCairo, kusho uSharawy: “Izigidi zeza eAlexandria, eSuez,

eMansoura, eFayoum, eDamietta. Isibalo esikhulu sabesifazane kanye

nezingane babehlanganyele nababebhikilisha, abesifazane abampofu

baningi kakhulu kunabanye. Ulusha olufundile lwaluluningi kusaqala kodwa

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!